Inkampani yakwa Sasol ihlela ukubamba inkundla yenhlangano mayelana nezinga lokuphepha nokuhlanzeka ko moya. Le nhlangano ihambisana nemigomo yokuphuma ko moya ubheke emkhathini, phecelezi i-Atmospheric Emission Licenses.
Lezingxoxo ziyobanjwa ngo mhlaka 10 no 11 enyangeni ka February kuwo lo nyaka ophezulu u 2026. Inkundla yezingxoxo iyogxila ekudingideni ukuthi i-Sasol iqhuba kanjani ekuqinisekiseni ukuphepha nokuhlanzeka ko moya kanye nezinhlelo zokwenza kangcono imisebenzi.
Ngakho-ke uyamenywa ukuba uhlanganyele kulezingxoxo kulezinsuku ezihlelwe ngazo.
Imininingwane imi kanjena:
| Indawo | Ikheli | Usuku | Isikhathi | Inombolo |
| Sasol eMbalenhle Recreation Club | Ingwe Rylaan nommer 2287, eMbalenhle | 10 February 2026 | 10:00 – 12:00 | 017 6851461 |
| Sasol Secunda Recreation Club | Nelson Mandela Rylaan, Secunda | 10 February 2026 | 14:00 – 16:00 | 017 6100451 |
| Difa Nkosi Community Hall | 1095 Intumbane Rylaan, Lebohang Uitbreiding 9, Leandra | 11 February 2026 | 10:00 – 13:00 | 017 620 6232 |
Ukuqinisekisa ukubakhona kwakho kulenkundla yezingxoxo, sicela uxhumane no Nonzwakazi Maguga kulemininingwane elandelayo: nonzwakazi.maguga@sasol.com noma ushayele ku 066 248 6741

